Загрузка страницы

Udwendwe: Ukuthethwa kwedlozi

"Iyakhuleka intombi, ekaPhondo Lwendlovu, inkehli ayithundi iyahohoza"

****
Udwendwe lungena KwaBiyela eganwa intombi yaseMaMbatheni, kwaCandolo ngaphansi kwenkosi Biyela
******
Ukuze umgcagco uhambe kahle kumele waziwe futhi ubusiswe abaphansi. Lokhu ke kwenziwa kusukela lungakafiki udwendwe ngokuthi bebikelwe ngokuhlatshelwa izimbuzi nokushiselwa impepho emsamo.

Kuphindwe kuthethwe nendlozi nangelanga lodwendwe lapho khona kusuke kubizwa abangasekho -- omkhulu nokhokho, noma uyise kamakoti nomkhwenyana uma nabo bengasekho. Lokhu kwenziwa ukuze bazi ukuthi sekufikwe esiphethweni sokuhlanganiswa kwalabantu abagananayo, nokuthi ke benike laba ababili izibusiso zokuthi belale bebabili bevuke bebathathu.

Akubo bonke abalele ababizwayo, kodwa kuba yilabo esebakhushulwa noma laba abangangeni ekhaya behlehla nyovane, ngoba ukubabiza sekungafana nokuletha amashwa. Izangoma nezinyanga ziyakwazi ke ukuxazulula leyongwadla yokuthi iliphi idlozi eliza kahle ekhaya nokuthi yiliphi eliletha amabhadi ngokuphendulwa (ngemithi) uzalo noma izimfamona ukuthi lilethe usizi, ukuhlupheka, amabhadi nezifo.

Ngaphandle kokuthethwa kwedlozi nokugcinwa kwamasiko uma umakoti eyogana kusuke kungakapheleliswa ukuganana kwababili ngokwesintu. Yingakho uthola ukuthi izingane eziningi zibhekwe idlozi lasekhaya konina ngoba abamazi unina ephuma eyogana.

Kulabo abathi ngeke bebonge amadlozi ngoba kusho ukuthi bayohlaba izinkomo eziningi, akulona iqiniso lelo ngoba akuwo wonke amadlozi asibhekile...kungenzeka ukuthi uphila emhlabeni nje ubhekwe idlozi elilodwa --kwenzeke futhi elasekhaya konyoko. Thola esangomeni ukuthi iliphi elihamba nawe bese ulibonga ngokuncane...wonke umthwalo usulele kulona ukuthi lidle lokhu olinika khona nabanye uma lithanda.
-------------------------------------------------------------------------------------------------------------
Beyond Zulu Experience
Email: soka@beyondzulu.co.za
Blog: www.thezulukingdom.com // Web: www.zuluexperience.co.za

Видео Udwendwe: Ukuthethwa kwedlozi канала Beyond Zulu Productions
Показать
Комментарии отсутствуют
Введите заголовок:

Введите адрес ссылки:

Введите адрес видео с YouTube:

Зарегистрируйтесь или войдите с
Информация о видео
6 января 2017 г. 5:36:31
00:05:06
Яндекс.Метрика